Amagama adwetshelwe ngomugqa ogqamile achaza izichibiyelo ezenziwe emithethweni esebenzayo.
Ukusingatha ukuphathwa komasipalati ngokuphoqelela ukukhokhwa kwentela yendawo; ukuchibiyela Uhulumeni Wasekhaya: Umthetho we- 2000 wemigudu yomasipalati, ukuze kuqhutshekwe nokuthi kwenziwe Izigaba- zokuba omasipalati bakwazi ukuthumela izincwadi; ukuchibiyela noma ukuhoxisa imithetho ethile; kanye nokubhekela izindaba ezithile eziphalene naloku.
Isihloko esifingqiwe kanye nokuqala ukusebena komthetho.
umasipalati omkhulu noma umasipalati wendawo ungaklama intela yendawo ezindaweni ezenganyelwe yiwo.
umasipalati wesifunda ngeke akwazi ukuklama intela yendawo ngaphandle uma indawo isesifundeni esisingethwe yiwo umasipalati lowo.
b ezinye Izigaba- zalomthetho; kanye c inqubomgomo yokukhokhela indawo okufanele umasipalati ayamukele ngokulandisa kwesigaba- 3.
umkhandlu kamasipalati kufanele wamukele inqubomgomo ehambisana nalomthetho mayelana nokukhokhiswa kwentela yendawo empahleni noma endaweni efanele ukukhokhelwa intela yendawo kumasipalati.
f ivumele umasipalati ukuba akhuthaze intuthuko yendawo; kanye g Ihlonze, kulandela ukuhlaziya okunzulu mayelana nohlelo lwezindleko kanye nenzuzo, zonke izindawo noma izimpahla ezingase zingafakwa ngaphansi kohlelo lokuhlola ngenhloso yokuba kuklanywe intela yendawo.
Noma yimuphi ushwele, ukubuyiselwa imali noma ukuncishiselwa okukhulunywe ngakho esigatshaneni- 2 nokubhekelwe enqubeni mgomo eyemukelwe ngumasipalati kufanele ke kuhambisane nohlaka lukazwelonke olungase lulawulwe ukuba lusetshenziswe.
Umkhandlu kamasipalati kufanele ucubungule konke okwemukele nokuphawuliwe kwathunyelwa kuwo ngenkathi ucubungula uhlaka lwenqubomgomo yokukhokhela intela yendawo.
Umkhandlu kamasipalati kufanele ubuyekeze njalo ngonyaka, kuthi uma kudingekile, ulungise inqubomgomo yokukhokhelwa kwentela yendawo.
Isigaba-- 3 nesigaba- 4, sifundwa kanye nezinguquko ezidingekile kuye ngaloko okukhulunywa ngako, sisetshenziswa kunoma yikuphi ukulungiswa kwenqubomgomo yokukhokhelwa kwentela yendawo.
umasipalati wendawo kufanele wemukele ukuba imithetho kamasipalati ibenegalelo ekusetshenzisweni kanye nasekuphoqelelweni komgomo wawo wokukhokhelwa kwentela yendawo.
a kwemikhakha ehlukene yempahla nezindawo; kanye b kwemikhakha eyehlukene yabanikazi abanomthwalo wokuba bakhokhe intela yendawo.
uma umasipalati enquma ukuklama imali yentela yendawo kufanele, ngokulandisa kwesigatshana- , aklame intela yendawo kuyo yonke impahla noma izindawo okumele zikhokhelwe intela yendawo endaweni kamasipalati noma, endaweni engaphansi kukamasipalati wendawo efanele ukukhokhelwa intela yendawo.
i lapho umasipalati yena noma omunye umasipalati engumnikazi; noma ii okukhulunywa ngakho endimeni -b encazelweni yemihlaba noma yempahla esesigabeni -1; noma iii lapho ilungelo lobunikazi bendawo lingavikelekile ngokusemthethweni ngenxa yemithetho yobandlululo yaphambilini noma okuthile okwenza kube lukhuni noma kungenzeki sanhlobonhlobo ukuthola inani; noma b ukuvimba umasipalati ekutheni anike ilungelo ngokulandisa kwesigaba- 14 sikashwele, noma sokubuyiselwa kwemali ekhokhwe ngokweqile noma izaphulelo ekukhokhweni kwentela yendawo ngokulandisa kwesigatshana-1.
b ukusetshenziswa okugunyaziwe kwempahla noma kwendawo; noma c indawo lapho kukhona khona impahla.
Inani lentela yendawo ohlelweni lwendawo lapho kwakhiwe khona ngokuhlanganyela egcekeni elolodwa kufanele liklanywe ngokwehluka kuye ngobungako baleyo naleyo ndawo okufanele ikhokhelwe kulolu hlelo hhayi ukuthi kuklanywe inani elilodwa elihlanganisa indawo yonkana.
a kubeyinani elisuselwe ekwenziweni ngcono kwenani lentela laleyompahla noma umhlaba ekhonjiswe ephepheni lokuhlola likamasipalati langaleso sikhathi; noma b Intela elinganayo empahleni noma endaweni emkhakheni othile obaluliwe, kuye ngokuthi lowomkhakha ungaphansi kwesilinganiso sokuhlola esisemthethweni.
inani lentela efanayo yendawo ngokulandisa kwesigatshana- 1 b akufanele leve enanini obekufanele likhokhwe empahleni noma emhlabeni osezingeni lomkhakha ophansi ngokuhlolwa ukuba inani beliklanywe ngokulandisa kwesigatshana- 1 a.
Intela yendawo ingaklanywa ngumasipalati esikhathini esingaphezu konyaka wezimali owodwa ngaphandle uma kugunyazwe ngungqongqoshe kahulumeni wasemakhaya.
a liqala ukusebenza ekuqaleni konyaka wezimali noma osukwini olumakhathaleni njengaloku kungase kubalule isinqumo okukhulunywa ngaso esigabeni -13 mayelana nokuklanywa kwenani lentela yendawo; nokuthi b lingeke liklanywe ngokuthi kuhlehlelwe emuva.
inani lentela yendawo liklanywa ngumasipalati ngokulandela isinqumo esithathwe ngumkhandlu kamasipalati ngokwesekelwa yisibalo esikhulu samavoti amalungu alowo mkhandlu.
i ukuthi umkhandlu ususamukele isinqumo sokuklama inani lentela yendawo; nokuthi ii liyatholakala ikhophi lesinqumo ukuze licutshungulwe wumphakathi ngezikhathi zomsebenzi ehhovisi elikhulu lezokuphatha lalowo masipalati nakwezinye izindawo ezibalulwe kulesi saziso.
a uhla lwabo bonke abanikezwe ushwele, ngababuyiselwe inkokhelo kanye nalabo abancishiselwe inkokhelo ngonyaka ofileyo ngokulandisa kwesigatshana- 1; kanye b nesitatimende esikhombisa imali engenile kumasipalati waphambilini emveni koshwele, imbuyiselo kanye nokwehliselwa.
b ezomnotho ezingekho emingceleni yakhe umasipalati lowo; noma c ukuthuthwa kwezimpahla ezweni, ukuthunyelwa kwezidingo, imali noma abasebenzi.
h Okungenani isamba sokuqala semali engu- R15000 senani lazo zonke izindawo lapho kwakhiwe futhi kuhlalwa khona, ngaphandle nje uma kwazeka ukuthi uNgqongqoshe, ngokuxoxisana nongqongqoshe wezezimali, ngezikhathi ezithile, inganyuswa lemali kwedlulwe emkhawulweni ukuze ihambisane nezinga lomnotho ngaleso sikhathi; futhi i Impahla/umhlaba noma umkhakha wezimpahla/wemihlaba ebaluliwe ngokwesigatshana- 3, noma inani lentela yendawo elevile enanini elibekwe njengomkhawulo empahleni/endaweni noma emkhakheni wempahla noma wendawo.
i izindawo zezomnotho ii izindawo zezimboni; noma iii izindawo zezolimo isilinganiso okukhulunywa ngaso esigatshaneni- 1 b ingashicilelwa ngokusemthethweni kuphela ngokubambisana nongqongqoshe wezezimali.
ungqongqoshe angase, ngokubambisana nongqongqoshe wezezimali kanye nesaziso, ahlele umkhawulo ngokwamaphesenti okufanele ukuba kwenyuswe ngalo inani lentela yendawo.
a nezinhlobo zomasipalatiezingase, ngokulandela lesi sigaba, zichazwe esazisweni njengezihlobene nemikhakha noma izinhlobo zomasipalati ezingaphansi kwencazelo yomthetho wezinhlaka zomasipalati nangezinye izindlela; noma b izinhlobo zemikhakha yendawo/yempahla uma kunesizathu esihle, ungqongqoshe anganikeza ushwele kumasipalati emkhawulweni ohlelwe ngokulandela isigatshana-1.
inani lentela yendawo eliklanywe endaweni entsha efanele ukukhokhelwa intela yendawo noma indawo umnini wayo enobunikazi ngokohlelo lwezinguquko zemihlaba, kufanele ngokulandisa kwesigatshana- , lifakwe ngezikhawu esikhathini esiyiminyaka yezimali emithathu, kuqalwe ekupheleni kwesikhathi sokungabandakanywa kwamanani entela yendawo okubalulwe endimeni- 15 (g).
inani lentela yendawo eliklanywe empahleni/endaweni entsha efanele ukukhokhelwa intela yendawo noma indawo lapho umnikazi enobunikazi ngokohlelo lwezinguquko zobunikazi ngokondlalifa lingebe ngaphezulu kwenani eliklanywe endaweni efanayo noma umkhakha wempahla/wendawo kumasipalati.
ungqongqoshe wesifundazwe ilungu lesigungu esikhulu angelula isikhathi sokufakwa kwamanani entela yendawo okukhulunywa ngako esigatshaneni 1 esikhathini esithi uma sihlanganiswe nesasekuqaleni singevi eminyakeni yezimali eyisithupha.
uma kwelulwa isikhathi sokufakwa kwentela yendawo, ungqongqoshe wesifundazwe wohulumeni basekhaya kufanele asho izinga lobuningi bokugcina ngokwamamaphesenti benani lentela yendawo obukhokhwa unyaka nonyaka wezimali esikhathini esengeziwe.
a ungahlonza indawo ethile phansi kwawo njengendawo enentela eyehlukile; bese b eklama intela yendawo eyengeziwe empahleni ekuleyo ndawo mayelana nezinhloso zokukhokhelwa ukwenziwa ngcono kwaleyo ndawo.
b kufanele athole imvume yeningi lamalungu omphakathi waleyo ndawo ephakanyiswe njengenentela yendawo eyehlukile engase idingeke emnikelweni wokwengezwa kwentela yendawo; bese c esungula ikomiti elakhiwe ngabantu abamele umphakathi waleyo ndawo ukuze babe yisigcawu sokweluleka salowo masipalati mayelana nokwenziwa ngcono okufanele kwenziwe emphakathini, futhi kubhekelwe ukumeleka ngokobulili ngesikhathi kusungulwa ikomiti laloluhlobo.
b acacise loko okufanele kwenziwe ngcono kuleyo ndawo; bese c esungula izinhlelo ezehlukile ezimayelana nokubala kanye nokugcinwa kwamabhuku amayelana nemali engeniswe yimali eyengeziwe yentela yokukhokhela indawo kanye nokwenziwa ngcono kuleyo ndawo.
isigatshana 1 kasiwenqabeli umasipalati ekusebenziseni izinsiza zawo ezithathwe kweminye imithombo yawo engabandakanyi ukwengezwa kwentela yendawo yokukhokhela ukwenziwa ngcono kwanoma iyiphi indawo engaphansi kwalowo masipalati, kubandakanya nendawo enentele yendawo eyahlukile.
umasipalati kufanele enze uhla lwezindawo ezisemhlabeni wakhe oluqukethe ingxenye -A nengxenye-B.
b zibuyiselwe noma zehliselwe inani lemali ekhokhwayo ngokulandisa kwesigaba- 14; bese c kufakwe inani lentela yendawo ngokulandisa kwesigaba- 18.
uhla kufanele luvuleleke ekuhlolweni ngumphakathi ngezikhathi zomsebenzi.
umasipalati kufanele abuyekeze uhla okungenani minyaka yonke.
inani lentela yendawo eliklanywe ngumasipalati empahleni/endaweni kufanele likhokhwe ngumnikazi waleyondawo ngokulandela isahluko - 9 somthetho wezinhla zomasipalati.
izindawo ezinobunikazi obuhlanganyelwe ngaphandle kwalezo ezisohlelweni lapho abanikazi bakhe khona ngokuhlanganyela egcekeni elilodwa lapho behlanganyela khona bonke ekukhokheni inani elilodwa lentela yendawo elidingekayo.
intela yendawo eklanywe ngumasipalati endaweni ngayinye lapho abanikazi bakhe khona ngokuhlanganyela egcekeni elilodwa, ikhokhwa ngumnikazi ngamunye.
umasipalati angeze abuyisa izindleko zentela yendawo, nanoma iyiphi ingxenye yayo, esigungwini esisingethe indawo lapho kwakhiwe khona ngokuhlanganyela.
isigungu esisingethe indawo lapho abanikazi bakhe khona ngokuhlanganyela singeze sacaza futhi siqoqe intela yendawo kubanikazi bezindawo.
a ngesamba esisodwa unyaka nonyaka noma ngezikhawu ezilinganayo noma ngamanani ahlukene; noma b ngaphansi kwezimo ezithile okungavunyelwana ngazo phakathi komnikazi wendawo nomasipalati.
a uma inani lentela yendawo likhokhelwa ngesamba esisodwa unyaka nonyaka, kufanele likhokhwe ngaphambi kosuku oluqokwe yilowo masipalati b uma likhokheka ngezikhawu kufanele likhokhwe ngaphambi kosuku lwaleso naleso sikhathi esiqokwe yilowo masipalati.
f lapho kufanele kwengezwe khona inani lentela yendawo okukhulunywe ngalo esigabeni -19, kufanele kuvezwe isamba kanye nenhloso yentela yendawo umuntu ongasitholile isaziso esibhalwe phansi sokuba akhokhe imali ngokulandisa kwesigatshana- 1 kufanele abuze ehhovisi lakwamasipalati ukuthi kufanele akhokhe malini yentela yendawo, uma eselutholile lolulwazi, kufanele ayikhokhe leyomali.
uma imali okufanele ikhokhelwe intela yendawo ingakhokhiwe kuze kwedlule usuku oluqokwe ngokulandisa kwesigaba -23 , umasipalati angayibuyisa leyomali iyisamba esiphelele noma ngengxenye kulowo ohlezi endlini.
isamba umasipalati angase asibuyise kulowo oqashile akufanele sibe ngaphezulu kwemali yokuqasha noma enye imali okufanele ikhokhwe yilowo oqashile noma ohleli endlini eyikhokhela umnikazi wendlu.
noma yisiphi isamba umasipalati asibuyisayo kulowo oqashile noma ohleli endlini singasetshenziswa ekukhokheleni isikweletu somnikazi.
uma umnikazi wendlu engekho umasipalati angasibuyisa ngokuphelele isamba semali yentela yendawo okufanele sikhokhelwe indlu noma asibuyise ngezikhawu kulowo muntu owamukela imali yenkokhelo yendlu egameni lomnikazi.
umasipalati angasibuyisa isamba semali yokukhokhela intela yendawo kulowo muntu owamukela imali yokuqasha indlu egameni lomnikazi, emva kokuba esethumele isaziso esibhalwe phansi kulowo owemukela imali egameni lomnikazi.
isamba esingabuyiswa ngumasipalati kulowo muntu omukela imali yokuqasha indlu egameni lomnikazi ngeke sedlule esambeni saleyomali yokuqasha indlu esemukelwa yilowo owemukela imali egameni lomnikazi noma lowomuntu esethunyelelwe isaziso ngumasipalati noma lowo muntu okukhulunywa ngaye esigatshaneni- 2, sekukhishwe imali yeholo lalowo muntu ngokulandisa komthetho olawula Izindaba Zabasingathi Bamafa ongunombolo- -112 we-1976.
lowo osingethe noma lowo muntu, onxuswe ngumasipalati ukuba anikeze umasipalati yonke imininingwane ebhaliwe emayelana nenkokhelo yokuqasha indlu ayemukele ngesikhathi esiqokwe yilowo masipalati.
a enze ukuhlola okudididyele kwayoyonke impahla/indawo okufanele ikhokhelwe intela yendawo kumasipalati ngokulandela isigatshana isigatshana -2; bese b kulungiswa onke amaphepha okuhlola ayoyonke impahla/indawo impahla/indawo efanele ukukhokhelwa intela yendawo echazwe esigabeni - 7 2 a kufanele kubandakanywe ekuhlolweni okudidideyelwe kuphela ngendlela umasipalati afuna ukuklama ngayo intela yendawo kulezo zimpahla/zindawo.
mayelana nezinhloso zokuhlola okudidiyele umasipalati kufanele ahlele isikhathi esingeke sibe ngaphezulu kwezinyanga eziyisishiyagalolunye ngaphambi kokuqala konyaka wezimali lapho kuzoqala khona ukusetshenziswa kwamaphepha okuhlola.
ukuhlola okudidiyele kufanele kukhombise inani lezimpahla/lezindawo ngokulawula kwalomthetho, kusukela ngosuku ukuhlolwa okwenziwe ngalo.
a liqala ukusebenza ekuqaleni konyaka wezimali kulandela ukuphela kwesikhathi sokuhlolwa gumphakathi esidingwa yIsigaba-- 42; bese b lisebenza kulowonyaka wezimali noma owodwa noma eminye eminingi elandelayo ngokwesinqumo salowo masipalati kodwa isamba sayo singabi ngaphezu kweminyaka yezimali emine.
ngokwesicelo sikamasipalati, ungqongqoshe wesifundazwe wohulumeni basemakhaya engaselula isikhathi sokusebenza kwamaphepha okuhlola sibe yiminyaka yezimali emihlanu.
umasipalati kufanele aqoke umhloli kamasipalati ngaphambi kosuku lokuhlola.
a kufanele aqaphele ukuqokwa kwabahloli bakamasipalati; bese b ethatha izinyathelo ezifanele, kubandakanya nokugxambukela ngokulandisa kwesigaba -139 somthethosisekelo wezwe, uma umasipalati ehluleka ukuhambisana nesigatshana- 1.
f alungise isichibiyelo sephepha lokuhlola njalo uma kudingekile; bese g elekelele umasipalati ngokuweseka okudidiyelwe kwezokuphatha uma loko kudingekile emaphepheni okuhlola umphakathi kamasipalati angajuba omunye wezikhulu zikamasipalati ukuba elekelele abahloli bakamasipalati ngokwenza noma yimuphi umsebenzi obalulwe esigatshaneni 1.
ngesikhathi kuqokwa abelekeleli babahloli bakamasipalati, umhloli kamasipalati akudingekile ukuba abuyise izindleko kumasipalati mayelana nokuqokwa kwaloluhlobo ngaphandle kokusebenzisa isivumelwano esenziwa phakathi komhloli nomasipalati kulandela uhlela oluvulekile kanye nokuncintisana okukhulunywa ngalo esigabeni -30 2.
umasipalati angangena esivumelwaneni nomasipalati noma omasipalati ekuqokeni umhloli kamasipalati oyedwa bese bebambisana ezindlekweni zokulungisa amaphepha okuhlola.
Isigaba- -30 2 asisebenzi uma omasipalati abathintekile ekuqokeni isikhulu somunye wabo njengomhloli kamasipalati.
b makangabi yilungu lomkhandlu walowo masipalati.
b makangabi yilungu lomkhandlu walowo masipalati.
a enze isifungo ngokusemthethweni phambi kwalowo ogunyazwe ukufungisa amalungu omphakathi mayelana nomsebenzi wakhe; bese b edlulisela ikhophi eligunyaziwe lesifungo salolo hlobo kumphathi kamasipalati.
ngokulandela Isigaba--14 somthethosisekelo wezwe esibeka imibandela noma esivimbela ukungena, komhloli kamasipalati noma umelekeleli womhloli kamasipalati noma umuntu ogunyazwe ngumhloli kamasipalati angase phakathi kwa- 7h30 ekuseni no 05:00 ntambama angene ahlole noma iyiphi impahla okufanele ihlolwe ngokwezinhloso zalomthetho.
a acaphune kunoma yimuphi usomqulu noma kunoma yiluphi ulwazi akholelwa wukuthi ludingekile kulokho kuhlola; bese b ebhalela umnikazi noma lowo ohleli endlini noma lowo okhuluma egameni lomnikazi noma lalowo ohleli ukuba amnikeze imininingwane ebhalwe phansi emayelana nendlu umhloli akholelwa wukuthi idingekile kulokho kuhlola.
b ngasebenzisi isikhundla sokuba wumhloli kamasipalati noma umelekeleli womhloli kamasipalati ngenhloso yokuba yena azinothise noma anothise omunye umuntu ngokungekho emthethweni; bese c ahambisane nendlela yokuziphatha ebalulwe ohlelweni- 2 Lomthetho Wezinhla Zomasipalati.
umhloli kamasipalati noma umelekeleli womhloli kamasipalati owephula noma owehluleka ukuhambisana nesigatshana -1 unecala lokungaziphathi kahle futhi angase abhekane nokuxoshwa njengomhloli kamasipalati noma umelekeleli womhloli kamasipalati.
isinqumo sokuxosha umhloli kamasipalati noma umelekeleli womhloli kamasipalati ngokulandisa kwesigatshana- 3 kufanele kususelwe kulokho okutholwe wuphenyo olwenziwe ngokulandisa komthetho wabasebenzi ongunombolo-- 66 we- 1995.
umhloli kamasipalati noma umelekeleli womhloli kamasipalati ongesona isikhulu sakwamasipalati owephula noma owehluleka ukuhambisana nesigatshana- 1 unecala futhi isivumelwano sokusebenza kwakhe singase sihoxiswe.
b kusezinhlosweni zokuqhuba Izigaba- zalomthethio c kusezinhlosweni zokuthethwa kwecala; noma d kulandelwa umyalelo wenkantolo.
impahla kufanele ihlolwe ngokulandela izindlela ezemukeleke ngokudidiyele, kanye nezigaba zalomthetho.
b ukuqhathanisa, ukuhlaziya nokusetshenziswa kwezinye izindlela zobuchwepheshe kubandakanya ukushaywa kwezithombe ngabasemabhanoyini kanye nokusetshenziswa kwemishini yamakhompiyutha.
uma lungenele ulwazi olusezingeni lokudayiswa kwanoma yimuphi umkhakha wempahla efanele ukukhokhelwa intela yendawo, ukuze kusetshenziswe izigatshana- 1 ne -2, impahla yalolo hlobo ingahlolwa ngokulandela indlela yokuhlola edidiyele noma ngokusebenzisa isu elemukelwe wumasipalati waleyondawo nanjengokuba kufanelekile, kubandakanya uhlobo lokuhlola olugxile enanini lwemikhakha eyase ivele ihlelwe phambilini kanye nokuqokwa kwezimpahla zaleyo mikhakha ngaphansi kwesisekelo solwazi olumayelana namanani aphansi kwezokudayisa.
ngokulandela kwezigaba zalomthetho, inani lokudayisa impahla elenziwe ngcono kufanele kube yinani lempahla ebizodayiswa ngalo ngosuku lokuhlola kunanoma ngubani ofuna ukuyithenga.
b inani lanoma yikuphi ukwenziwa ngcono kwenani lempahla eyakhiwa noma esisetshenziselwa izinhloso okungezona eyayakhelwe zona, kufanele ibandakanywe njengenani layo selenziwe ngcono futhi kubesengazuthi isetshenziswa ngokusemthethweni.
b Lanoma yisiphi isakhiwo esixhunywe kulendlu esisetshenziswa ngokwehlukile; kanye c nokunye okungase kuhambisane nalezi zakhiwo d Kulesi sigaba, igama noma isisho esinikezwe incazelo Emthethweni Wamatayitele anobunikazi obusegcekeni elilodwa, linencazelo efanayo.
iphepha lokuhlola kufanele liveze uhlu olu qukethe yonke impahla okufanele ikhokhelwe intela yendawo kumasipalati, ngokulandisa kwesigaba- 27.
g Ikheli lemposi lomnikazi; kanye h Nayo yonke imininingwane esemthethweni.
nesimema wonke umuntu ofisa ukuphikisana nanoma yiluphi udaba olukuso noma iphutha elikuso ukuba akuchaze loko ngendlela esemthethweni esikhathini esinqunyiwe; bese b ethumelela bonke abanikazi bempahla abavela emaphepheni okuhlola, ikhophi yesaziso okukhulunywa ngaso endimeni akanye nokucashunwe emaphepheni okuhlola nokumayelana nempahla yalowo mnikazi.
a ahlole futhi acaphune kulokho okubhaliwe emaphepheni okuhlola ngezikhathi zomsebenzi; bese b afake isaziso sokuphikisana nomphathi kamasipalati mayelana nanoma yiluphi udaba oluvela noma olungafakiwe kulawa maphepha.
ukuphikisa ngokulandisa kwesigatshana- 1 b kufanele kuhambisane naleyo naleyo mpahla hhayi iphepha ngqo lokuhlola.
umphathi kamasipalati kufanele elekelele lowo ophikisayo ukubhala isaziso salolu hlobo uma lowo ophikisayo engakwazi ukufunda kanye nokubhala.
umkhandlu kamasipalati ungase ufake isaziso sokuphikisa umphathi kamasipalati mayelana nanoma yiluphi udaba oluvela noma olweqiwe ephepheni lokuhlola.
umphathi kamasipalati kufanele athumele zonke izaziso zokuphikisa kumhloli kamasipalati ngaphandle kokuthandabuza, yena oyobe esethatha isinqumo sokudalula lezo zaziso ngokulandisa kwesigaba.
ukufakwa kwesicelo sokuphikisa akusho ukwelulelwa isikhathi sokhokha intela yendawo sedlule leso ebesinqunyiwe.
b athathe izinqumo mayelana nezimpikiswano ngokulandela amaphuzu, kubandakanya amaphuzu ethulwe yilowo ophikisayo, nokuthi uma umuntu ophikisayo engeyena umnikazi; aphinde c ahlele amaphepha okuhlola ngokulandela izinqumo ezithathiwe.
b abuyise isikweletu noma akhokhele umuntu ofanele ukukhokhela intela yemali yendawo, imali engumehluko ngokulandisa kwesigaba- a.
a umhloli kamasipalati kufanele anikeze umphathi kamasipalati izizathu ezibhalwe phansi; nokuthi b umphathi kamasipalati kufanele athumele isinqumo salowo mhloli kamasipalati emkhandlwini oqondile wokudlulisela izimpikiswano izizathu zesinqumo kanye nazozonke izincwadi eziphathelene nalokhu ukuba kubuyekuzwe.
a wesinqumo somhloli; futhi b nanoma yikuphi ukulungisa okwenziwe emaphepheni okuhlola kulandela isinqumo.
esikhathini esiyizinsuku ezingamashumi amathathu sesaziso saloluhlobo, lowo ophikisayo noma umnikazi angase afake isicelo kumhloli kamasipalati acele izizathu zalesi sinqumo.
umhloli kamasipalati kufanele esikhathini esiyizinsuku ezingamashumi amathathu emva kokuthola isicelo saloluhlobo, anikeze izizathu ngokuzibhala phansi emva kokukhokhwa kwemali enqunyiwe.
b kuthinteke umnikazi wempahla ngaleso sinqumo; noma c kuthinteke umkhandlu kamasipalati mayelana nesinqumo salolu hlobo.
b umnikazi wempahla yaloluhlobo kufanele atshelwe esikhathini esiyizinsuku ezingamashumi amathathu emva kosuku lapho isaziso esibhaliwe nokukhuljunywa ngaso esigabeni- 47 1 saposelwa kumnikazi noma uma umnikazi ecele izizathu ngokulandisa kwesigaba- 47 2 esikhathini esiyizinsuku eziyishumi nane emva kosuku okwaposelwa ngalo izizathu kumnikazi; noma c umkhandlu kamasipalati oqondene naloku kufanele waziswe esikhathini esiyizinsuku ezingamashumi amathathu emva kosuku okwathathwa ngalo isinqumo.
ukudluliselwa kodaba ngokulandisa kwalesi sigaba akumeluleli isikhathi lowo okufanele akhokhe intela yendawo size sedlule usuku olunqunyiwe.
ungqongqoshe wesifunda wohulumeni basekhaya kufanele, ashicilele isaziso kusomqulu kahulumeni wesifunda, asungule imikhandlu eminingi yokwedluliselwa kodaba esifundazweni njengaloku kudingekile, kodwa hhayi engaphansi kowodwa kulowo nalowo masipalati wesifunda kanye nakulowo nalowo masipalati wedolobha elikhulu.
a usihlalo, okufanele kube wumuntu onolwazi lwezomthetho futhi abenolwazi olunzulu kwezobulungiswa; futhi b amalungu angengaphansi kwamabili kodwa angabi ngapheziu kwamane anolwazi olwanele lokuhlola impahla kanye nezindlela zaloku.
usihlalo kanye namalungu okwedlulisela udaba baqokwa wungqongqoshe wesifunda wohulumeni basekhaya, ecubungula ukulingana kobulili emkhandlwini wokudlulisela udaba.
umuntu angaba yilungu lemikhanndlu yokwedlulisela izindaba engaphezulu kowodwa.
c umuntu ohlonzwe yinkantolo njengongaphilile ekhanda; noma d ngumuntu okwathi emva kwa -24 Apreli- 1994 walahlwa ngamacala wagwetshwa ukugqunywa ejele izinyanga eziyishumi nambili ngaphandle kokuthi makakhokhe inhlawulo.
ukuchithwa ngokulandisa kwesigatshana- 1 d kuphela eminyakeni emihlanu emva kokuba loko kuvalelwa ejele sekuphelile.
ilungu lomkhandlu eliyilungu lomkhandlu noma umsebenzi wakwamasipalati kufanele lihoxe emsebenzini womkhandlu uma udaba olumayelana nephepha lokuhlolwa kwalowo masipalati licusthungulwa yilowo mkhandlu.
isikhathi sokusebenza kwamalungu omkhandlu wokwedlulisela udaba siphela emva kweminyaka emine, kodwa amalungu avumelekile uba aqokwe futhi.
ungqongqoshe kufanele, emva kokubonisana nongqongqoshe bezifundazwe bohulumeni basekhaya, ahlonze imigomo ykuqashwa kwamalungu alemikhandlu.
imigomo yokuqashwa ingehluka kuleyo kasihlalo kanye nakwamanye amalungu omkhandlu wokwedlulisela udaba.
umasipalati noma omasipalati abasungulelwe imikhandlu yokwedlulisa izindaba ngokulandisa kwesigaba -49 kufanele baholele amalungu omkhandlu wokwedlilisela izindaba ngokulandela izimo abaqashwe ngaphansi kwazo kanye nokulawulwa ngungqongqoshe wesifundazwe wohulumeni basekhaya.
c Ngeke lisebenzise isikhundla salo noma amalungelo alo ukuze lizicebise noma licebise omunye umuntu; noma d Lingeze laziphatha nganoma yiyiphi enye indlela engalimaza ukwethembeka noma isithunzi somkhandlu wokwedluliselwa kwezindaba.
Ilungu lomkhandlu wokwedluliselwa kwezindaba elehluleka noma elephula isigatshana 1 linecala lokungaziphathi kahle.
b engasafanele ukuba yilungu lalomkhandlu; noma c ekhishwa ehhovisi ngokulandela isigatshana- 2.
Ungqongqoshe wesifundazwe woHulumeni basemakhaya engalikhipha ehhovisi ilungu lomkhandlu wokwedluliselwa kwezindaba kodwa ngaphansi kwemibandela yokungaziphathi kahle noma yokwehluleka ukwenza umsebenzi ngendlela efanele.
Isinqumo sokususa sokususa ilungu emkhandlwini wokwedluliselwa kwezindaba ngaphansi kombandela wokungaziphathi kahle noma wokwehluleka ukwenza umsebenzi kufanele kweyame ekutholakaleni kokbufakazi obumayelana nalokhu, yilowo oqokwe nguNgqongqoshe wesifundazwe ukuba aphenye lolo daba..
Ungqongqoshe wohulumeni basemakhaya engamisa ilungu lomkhandlu wokwedluliselwa kwezindaba uma lingaphansi kophenyo ngokulandisa kwesigatshana-3.
Usihlalo womkhandlu wokwedluliselwa kwezindaba nguyena othatha isinqumo ekuthini umkhandlu uhlanganela kuphi nokuthi uhlangana nini, kodwa kufanele abize umhlangano uma iningi lamalungu omkhandlu limnxusa ngokubhala phansi ukuba abize umhlangano ngesikhathi esithile nokuba uhlanganele ndawana thize njengalokhu kucela isicelo.
Ngenkathi kulalelwa udaba olwedlulisiwe, umkhandlu wokwedluliselwa kwezindaba kufanele uhlanganele endaweni kaMasipalati ophepha lawo lokuhlola lingundaba mlonyeni wokwedluliselwa kodaba noma lokubuyekezwa kodaba.
Uma usihlalo engekho, noma engatholakali, noma uma kunesikhala ehhovisi likasihlalo, amanye amalungu omkhandlu wokwedluliselwa kwezindaba engaqoka omunye wawo ukuba asingathe umhlangano nma asebenze njengosihlalo.
Umkhandlu wokwedluliselwa kwezindaba ungadinga ukuba umkhandlu ophepha lawo lokuhlola liyacutshungulwa, uwubhekele indawo noma ihhovisi okungahlanganelwa kulo nolunye usizo lwezokuphatha kubandakanya abasebenzi balo mkhandlu.
Umasipalati ophepha lawo lokuhlola liyacutshungulwa, yiwona obhekana nezindleko zomkhandlu wokwdluliselwa kwezindaba.
Umkhandlu wokwedluliselwa kwezindaba ungahlonza inqubo yawo yangaphakathi ngokulandela noma yiyiphi inqubo engase ibekwe ngokusemthethweni mayelana nokuqhuba kwawo ukuchitha izindaba ezedluliswayo.
Umbuzo ngaphambi komkhandlu wokwedlulisela izindaba, uhlelwa yivoti elesekayo okungenani leningi lamalungu omkhandlu wokwedluliselwa kwezindaba.
Umhloli kaMasipalati kufanele alungise amaphepha okuhlola ngokulandela izinqumo ezithathwe emkhandlwini wokwedluliselwa kwezindaba.
Noma yikuphi ukulungisa okwenziwe emaphepheni okuhlola ngokulandisa kwesigatshana 1 kuqala ukusebenza ngesikhathi leso esinqunyiwe.
a Ungakhipha umyalelo omayelana nezindleko ezingevi esambeni esilingana nezindleko phakathi kukamasipalati nomnikazi mphla, esibalwe ngokulandela isilinganiso esiphezulu kakhulu esinikusetshenziswa emacaleni ombango, enkantolo esungulelwe isifunda ngokulandisa komthetho wezinkantolo zezimantshi, ongunombolo-- 32 we- 1944; futhi b Ungayalela noma yimuphi umuntu owedlulise udaba noma ophikisa udaba alwedlulisiwe, nobona ukuthi akahambisi kahle ekuxoxweni kwaloludaba, noma luchitha isikhathi ngokungadingekile ekunxephezeleni ngezimalingokugcwele noma ngengxenye amalungu omkhandlu wokwedluliselwa kwezindaba kanye nezinye izindleko zikamasipalati othintekile mayelana nokudluliselwa kodaba.
Ungqongqoshe wesifundazwe woHulumeni basemakhaya, angagunyaza umkhandlu wokwedlulisela izindaba ukuba usungule ikomidi noma amakomidi ukuba elekelele ekwenzeni umsebenzi walo.
dUngasusa ilungu lekomidi ehhovisi nganoma yisiphi isikhathi; futhi eUngahlonza inqubo yekomidi.
Umkhandlu wokwedluliselwa kwezindaba oqoke ikomidi, ungalichitha lelokomidi nganoma yisiphi isikhathi.
Isigaba- -54, uma sifundwa ngokuhlanganyela nezinguquko ezidingekile njengalokhu kungalawula incazelo, sisebenza emibandeleni yokuqashwa kwamalungu ekomidi angewona amalungu ekomidi lokudluliselwa kwezindaba.
Ngokulandisa komthethosisekelo wezwe kanye nanoma yimuphi omunye umthetho onqumela noma ovimbela ukungena, ilungu noma yimuphi omunye umuntu ogunyazwe ngumkhandlu wokwedlulisela izindaba, engangena futhi ahlole impahla engundabamlonyeni ekwedlulisweni kodaba kanye nokubuyekezwa.
aAngacaphuna kunoma yimuphi usomqulu noma ulwazi lelo lungu noma umuntu akholelwa wukuthi ludingekile ekuhloleni; nokuthi bAangabhala phansi, acele umuntu ohleli endlini noma umnikazi waleyondlu, noma lowo onikezwe ilungelo ngumnikazi ukuba anikeze lowo muntu noma ilungu imininingwane ebhalwe phansi emayelana nempahla lelo lungu noma umuntu akholwa wukuthi idingekile ekuhloleni.
i azokwethula ubufakazi; noma ii abeke phambi komkhandlu okubhaliwe njengaloku kuchaziwe esazisweni athunyelelwe sona.
d ungaphosa imibuzo kulowo muntu noma wenze isiqiniseko sokuthi umuntu uyaphoswa imibuzo; futhi e ungalondoloza iminyaka emithathu ulwazi olubhaliwe olwaluveziwe ngokwendima a ii noma b ii.
umuntu ovele phambi komkhandlu wokwedluliselwa kwezindaba, ephoqiwe noma engaphoqiwe ukuba avele, angathola usizo kummeli wakhe azomkhekhela yena.
a umuntu ophoqelelwe ukuba avele phambi komkhandlu wokwedluliselwa kwezindaba, unelungelo lokuthola ulwazi olumayelana nemali ekhokhelwe ofakazi bombuso mayelana necala.
ukuqulwa kwecala wumkhandlu wokwedlulisela udaba noma mayelana nawo umkhandlu kungenziwa egameni lawo umkhandlu.
noma yiziphi izindleko ezethweswe umkhandlu wokwedlulisela udaba, ngenkathi kuqulwa icala kufanele zithwalwe ngumasipalati oqondene nalolu daba.
d enani layo selikhushuliwe noma selehlisiwe ngenxa yanoma yisiphi isizathu emva kokuhlola kwakamuva; noma e enani layo lilinganiswe ngokungeyikho ngenkathi kwenziwa ukuhlolwa kwakamuva.
a umhloli kamasipalati olungise iphepha lokuhlola angaqokwa ukuba ahlele futhi aphothule isichibiyelo sephepha lokuhlola; futhi b isichibiyelo sephepha lokuhlola siqala ukusebenza osukwini lokuqala lwenyanga elandela ukuphela kwesikhathi ebesibekelwe ukuhlola komphakathi ngokulandisa kwesigaba- 42.
izichibiyelo zokuhlola kufanele zenziwe ngosuku lokuhlola olwasetshenziswa ekuhloleni kwakamuva.
inani okufanele likhokhwe empahleni efanele ukukhokhelwa intela yendawo nelungiselelwe isichibiyelo sephepha lokuhlola, liqala ukusebenza ngosuku lwesichibiyelo sephepha lokuhlola.
ungqongqoshe angaqapha futhi enze uphenyo ngezikhathi ezithile bese eshicilela umbiko womphakathi mayelana negalelo, ukwefana kanye nokusetshenziswa kokuhlola kukamasipalati ezintweni ezimayelana nentela yendawo.
a ukucutshungulwa kwesilinganiso sokuhlola amanani entela; kanye b nezinye izinyathelo ezifanele ngokwezibalo ukuzama ukuthola ukuthi kuhambe kahle yini ukuhlola, kubandakanya ukusingathwa kwenani eliphezulu kanye neliphansi empahleni.
b isifundazwe ngasinye; noma c izwe lonkana.
L izimali ezikhokhelwa ukutholakala kolwazi noma ukukhishwa kwemiqulu ngokulandisa kwalomthetho; kanye m nanoma yiluphi udaba ngokubona kukangqongqoshe ukuthi lubalulekile ukuze kufezeke izinhloso zalonthetho.
ungqongqoshe ngokulawulwa yisigatshana- 1 angaveza obala ukuthi kuyicala konke ukwephula noma ukwehluleka ukuhambisana nomthetho othile.
imithetho ngokwesigatshana- 1 ingalawula ngowehlukile imikhakha eyehlukene yempahla, noma isingathe ngowehlukile imikhakha eyehlukene yabanikazi bempahla.
ukuphendula noma yimiphi imibuzo ngaphandle lapho impendulo ingahle imbeke engcupheni yokuba atholakale enecala; noma iii ukuveza incwadi egcinwe wuye lowo muntu; noma f ehluleka ukuhambisana nesicelo ngokwesigaba -264 ukunikeza ulwazi noma eqamba amanga ngenhloso noma enikeza ulwazi olungamanga nganoma yiyiphi indlela.
3 Umntu olahlwe yicala ngokwesigatshana - 2 noma 1 ufanele ukugwetshwa isikhathi esingeqile eminyakeni emibili noma inhlawulo njengalokhu kungalawulwa ngokusemthethweni kazwelonke.
Umuntu othweswe icala ngokwesigaba- 71 , kufanele ahlawule noma agqunywe ejele isikhathi esingqile ezinyangeni eziyisithupha.
Lomthetho yiwo osebenzayo lapho kukhona ukungqubuzana phakathi kwalomthetho kanye nanoma yimuphi omunye umthetho olawula ukuklanywa kwentela yendawo kamasipalati.
Noma yikuphi ukucaphuna okwenziwe emthethweni wesifundazwe waphambilini olawula ukukhokhelwa kwentela yendawo noma ukuhlola "eziphathimandleni zendawo" noma imikhandlu yendawo yamadolobha amakhulu noma imikhandlu yasemakhaya noma eminye imibutho kaHulumeni wasemakhaya, kuthathwa njengokuqondene nomasipalati wasemadolobheni amakhulu noma umasipalati wendawo lapho kukhona khona impahla.
Ezindaweni ezisingethwe ngokwezifunda, noma yikuphi ukucaphuna okwenziwe emthethweni wesifundazwe olawula intela yendawo noma ukuhlola eziphathimandleni zendawo noma eminye imibutho kahulumeni wasemakhaya, kuthathwa njengekhuluma ngmasipalati ophethe ngalesosikhathi lapho impahla itholakala khona.
b Futhi aklame intela yendawo ngokusebenzisa izamba zempahla ezikhonjiswe ephepheni lokuhlola.
uma umasipalati esebenzisa amaphepha okuhlola ngokwesigatshana- 1, awayehlelwe ngomasipalati baphambilini abehlukene, umasipalati angabeka amanani ehlukile asuselwe emaphepheni okuhlola ehlukene ukuze intela yezimpahla ezisendaweni efanayo ibe yinye.
Lesi sigaba siphela eminyakeni emine kusukela osukwini lomthetho wamenyezelwa ngokusemthethweni, futhi kusukela ngalolosuku nanoma yiliphi iphepha lokuhlola elalisetshenziswa ngaphambi kokuba lomthetho uale ukusebenza ngeke lisasetshenziswa.
Isigaba-- 9 asisebenzi mayelana nentela yendawo eklanywe ngokwephepha lokuhlola elenziwe ngaphambi kokuba lomthetho uqale ukusebenza.
Isigaba-- 22 asisithinti isibopho senhlangano eyengamele indawo lapho kwakhiwe khona ngokuhlanganyela egcekei elilodwa endaweni kamasipalati, ngokunjalo nomnikazi wempahla ngayinye enhlanganweni ephethe, mayelana nentela yendawo eklanywe ngokwephepha lokuhlola elenziwe ngaphambi kokuba lomthetho uqle ukusebenza.
a Uchitshiyelwe ngendlela ekhonjiswe ohleni lwesithathu lohlelo;futhi b Uyahoxiswa ngendlela okukhonjiswe ngayo ohleni lwesithathu.
Lomthetho. Ubizwa NGOKAHULUMENI WASEMAKHAYA: Umthetho wentela yendawo, we- 2003 futhi uqala ukusebenza ngosuku oluyonqunywa ngumongameli wezwe ngokumemezela kusomqulu kaHulumeni.
Lomthetho. Ubizwa NGOH ULUMENI WASEMAKHAYA: Umthetho wentela yendawo, we- 2003 futhi uqala ukusebenza ngosuku oluyonqunywa ngumongameli wezwe ngokumemezela kusomqulu kaHulumeni.
Intela yendawo ingumthombo omkhulu wokungenisa imali kuhulumeeni wasemakhaya, iphinde ibe wumthombo omkhulu wentela yomasipala . intela yendawo ibaluleke kakhulu ezindaweni ezisemadolobheni kanti-ke nangokomlando intela yendawo yayivele iklanywa emadolobheni. Ukwehlukanisa intela ngokwamazinga kwakuvele kwenziwa ngezindlela ezehlukene ezifundazweni ezehlukene. Yileso naleso sifundazwe phambilini sasinomthetho waso kanye nendlela yokuhlola kanye nokuklma intela yendawo. Njengaloku kucaciswe emthethweni kahulumeni wasemakhaya, kudingeka indlela elula nefanayo njengengxenye yezinguquko kuhulumeni wasemakhaya.
Omasipala bathola amandla abo okuklama intela yendawo kumthethethosisekelo wezwe (bheka Isigaba- 229 somthethosisekelo mayelana naloku)igama elthi impahla alichaziwe kumthethosisekelo kanti lithatheka njengokuthi lisho umhlaba kubandakanya nanoma iyiphi impahla noma idawo phezu noma phakathi ezweni noma ngaphansi komhlaba. Kubandakanya lonke izwe ezweni laseNingizimu Afrika njengaloku lonke linomasipala. Amandla omthethosisekelo anikezwe omasipala ukuba baklame intela yendawo nakuba umthethosisekelo ungabavumeli omasipala ukuba basebenzise lawa mandla bebodwana.
b imizamo yezomnotho eyenzeka emingceleni kamasipala; noma c ukugudlluzwa noma ukuthuthwa kwezimpahla noma ukwenziwa kwemisebenzi. Okwesibili, Isigaba- 229 2 b sivumela umthetho kazwelonke ukuba usingathe loluhlobo lwamandla omasipala.
uhulumeni wasekhaya: umthethosivivinyo wokuklanywa kwentela yendawo awuwona umthombo wamandla olandisa ukuba omasipala baklame intela yendawo, kodwa uyithuluzi lokusebenzisa Isigaba- 229 (a) no (b) somthethosisekelo wezwe. Lesi sigaba sichaza indlela efanayo yokusetshenziswa siphinde sisho imikhawulo edingekile emayelana nokudicilela phansi kwemigomo kazwelonke yezomnotho, imizamo yezomnotho emingceleni yomasipala noma ukugudluzwa kwezimpahla nokwenziwa kwemisebenzi.
yokweseka uhulumeni wasekhaya osimeme ngokubhekela umthombo wezomnotho osimeme eyindaweni ezisingethwe yimikhandlu yomasipalati ukwelekelela omasipala ekwenabiseni isizinda sabo sentela ngaphandle kwemingcele yomasipala baphambilini kanye nokubhekela imithetho yesikhashana yokufaka intela yendawo kulezi zindawo; kanye nokubhekela imithetho kazwelonke efanayo mayelana nokuhlola nokudluliswa kwezindaba, inqubomgomo yokuklanywa kwentela yendawo kanye nokuhlelwa kwentela yendawo.
Isahluko 2 somthethosivivinywa sikhuluma ngokuklanywa kwamazinga entela yendawo. Sigcizelela amandla omasipalati ngokomthethosisekelo okuklama intela yendawo ezindaweni zabo, kodwa ukuvimbela ukuklanywa kabili kwentela yendawo ezindaweni zomasipala ezingeni lesifunda, sinikeza amandla komasipala bendawo. Nokhoke umthethosivivinywa uyabavumela omasipala ezingeni lesifunda ukuba baklame intela yendawo ezifundeni zabo.
Akuvumelekile ukuklanywa kwentela yendawo okungenasisekelo. Intela yendawo iklanywa incike ekwenziweni ngcono kwenani lempahla noma enteleni yempahla esezingeni elifanayo ngaphansi komkhakha othile wokuhlola uma lowomkhakha ungaphansi komkhawulo wokuhlola osemthethweni. Intela efanayo kuwo wonke umuntu ingasebenza kuphela lapho ukuhlola kusezingeni eliphansi kakhulu lesilinganiso.
Ukwenanela nomsebenzi onikezwe omasipala ngumthetho wohulumeni basekhaya kanye nezinhla zomasipala ukwemukela inqubomgomo yentela ebusa izinqumo mayelana nentela, lesi sahluko silawula imimkhandlu ukuba iklame intela yendawo ngokulandela inqubomgomo yokuklanywa kwentela yendawo okufanele bayemukele futhi bayibuyekeze njalo. Uhlelo lokwamukelwa kwenqubomgomo yokuklanywa kwentela yendawo kufanele kufane naloko okuhlonzwe ngumthetho kahulumeni wezindawo mayelana nezinhla zomasipala, luphinde lubandakanye ukubamba iqhaza komphakathi ekuthethweni kwezinqumo.
Ngokulandisa kwesahluko- 2 ukuklanywa kwentela yendawo okunomehluko kufanele kusetshenziswe kuyoyonke impahla edinga ukukhokhelwa intela yendawo kulowo masipala. Inhloso yaloku ukuba omasipala bangakhethi iphela emasini uma behlonza intela yendawo empahleni. Lokhu kubhekela kwalolu hlobo kukhombisa ukungafihli lutho, kodwa futhi kudingekile ekuthini kubenendlela ecacile yokuqoqwa kwentela ngumasipala ngokulandisa kwentela yendawo. Lapho kunesidingo khona sokususa umthwalo wentela, isibonelo nje kwabampofu, lomthethosivivinywa ubalula ukuba kube noshwele wentela, imali eyimbuyiselo kanye nezaphulelo. Bonke oshwele, imbuyiselo kanye nokwehliselwa kufanele kughambisane nohlelo oluvulekile nokufinyeleleka kulo noluchazwe ohlahlweni mali lonyaka.
Isahluko- 2 sivumela omasipala emikhawulweni ethile ukuba behluke ngokwemikhakha yendawo ngenkathi beklama intela yendawo.
Ngokuhambisana nendlela esetshenziswayo njengamanje, umthethiosivivinywa ubhekela ukuthi intela yendawo yemukelwe ngumasipala ngokulandela isinqumo somkhandlu nokuba imenyezelwe ngokusemthethweni ngesaziso esiyochonywa emahhovisi kamasipala emva kokumenyezelwa emithonjeni yezindaba.
isahluko 2 sizama ngawo wonke amandla ukufaka igalelo elibonakalayo kulezo zinto ezingabandakanyiwe esigabeni- 229 (a) somthethosisekelo wezwe ngokulandisa kwazo umasipala angeze asebenzisa amandla akhe ngendlela ezodicilela phansi ngokungenasidingo inqubomgomo kazwelonke yezomnotho, imizamo yezomnotho emingceleni kamasipala noma ukuthuthwa kwezimpahla, ukwenziwa kwemisebenzi nokuphathelene nabasebenzi.
Ukunqinda amandla okukhushulwa kwentela yendawo ngokungenasidingo, isahluko- 2 sinika ungqongqoshe amandla, ngokubambisana nongqongqoshe wezezimali ekubekeni umkhawulo ngokwenza isaziso kusomqulu kahulumeni mayelana nephesenti okungakhushulwa ngalo intela yendawo minyaka yonke. Siphinde sibhekele ukufakwa kwentela yendawo empahleni entsha efanele ukuthi ikhokhelwe intela yendawo noma empahleni umnikazi wayo engumnikazi ngokohlelo lwezinguquko kwezobundlalifa kwezomhlaba. Isahluko- 2 siphetha ngokubhekela ukwengezwa kwentela yendawo okufanele iklanywe ngokwehlukile ezifundeni okufanele ikhokhelwe ukwenziwa ngcono kwempahla kuleso sifunda.
Isahluko -3 somthethosivivinywa silawula ukuba kukhokhelwe intela yendawo siphinde sicacise ngenqubomgomo edidiyele okufanele ilandelwe ngumnikazi mayelana nokukhokhwa kwentela yendawo. Abanikazi ababambisene banomthwalo wokukhokha intela yendawo ngokuhlanganyela bonke, kodwa esimweni lapho abanikazi bakhe khona ngokuhlanganyela egcekeni elilodwa umnikazi wendawo ngayinye kufanele akhokhele leyondawo yakhe. Izinhlangano ezisingethe izindawo lapho kwakhiwe ngokuhlanganyela egcekeni elilodwa ngeke zisabanoomthwalo wokuqoqa kanye nokukhokha intela yendawo.
Umthetho wezinhla zomasipala, olawula uhlelo lukamasipala lwezikweletu kanye nohlelo lokuqoqwa kwazo, uyasebenza ekuqoqweni kwentela yendawo, umthethosivivinywa uqukethe inqwaba yezigaba ezengeziwe mayelana naloku. Lezi zigaba zikhuluma ngendlela kanye nesikhathi sokukhokhwa kwentela yendawo, isibopho sikamasipala sokukhipha izaziso kanye nokuqoqwa kwezikweletu kubahlali nakubaqashi kanye nakubanikazi abangatholakali.
Isahluko- 4 somthethosivivinywa sibhekela ukuhlelwa kanye nokusetshenziswa kwephepha lokuhlola lempahla efanele ukukhokhelwa intela yendawo kumasipala. Inhloso yalesi sahluko kanye nezinye izahluko ezilandelayo ukwenza lula uhlelo olukhona njengamanje noluxake kakhulu olumayelana nokusungula amaphepha okuhlola.
Ngokulandisa kohlelo olusha umasipala ngamunye kufanele aqoke umhloli kamasipala ukuba ahlonze amanani entela yendawo kuyo yonke impahla efanele ukukhokhelwa intela yendawo kumasipala, ukuhlela iphepha lokuhlola nokulithumela emkhandlwini. Omasipala ababili nabangaphezulu kwaloko bangakwenza ngesivumelwano ukuqoka umuntu oyedwa noma ofanayo njengomhloli kamasipala. Umuntu ongesona isikhulu sakwamasipala engaqokwa njengomhloli kamasipala kuphela ngendlela yohlelo oluvulekile olungafihli lutho nolunokuncintisana.
Umhloli kamasipala kufanele kube wumuntu obhalise njengomhloli ngokulandisa komthetho wezinhlangano zabahloli bemihlaba ongunombolo- 47 we- 2000, kodwa ilungu lomkhandlu ngeke liqokwe. Abahloli bomasipala bazongena esikhundleni semikhandlu ekhona njengamanje.
Isahluko -4 siphinde sibhekele ukwengezwa kokuqashwa komelekeleli womhloli kamasipala, indlela yokuziphatha kwabahloli bakamasipala amandla abo kanye nokuvikelwa kolwazi oluyimfihlo.
iphepha lokuhlola liqala ukusebenza ngokuqala konyaka wezimali beselihlala lisebenza njalo kuze kuphele iminyaka emine.
Isahluko- 5 sibhekela indlela okufanele kuklanywe ngayo inani lempahla. Umgomo odidiyele uthi impahla kufanele iklanyelwe inani ngobunjalo bayo kwezezimakethe, lokhu kusho inani lemali impahla engathengiswa ngalo uma ithengiswa ngumnikazi eyithengisela lowo ofuna ukuyithenga. Izindlela ezisetshenziswayo kufanele zivumelane nezindlela ezemukeleke ngokusemthethweni mayelana nokuhlola, kanye nezigaba zomthethosivivinywa. Loku kubandakanya izithombe ezishaywe ngumuntu esebhanoyini kanye nezindlela zokwelekelelwa yikhompiyutha.
Esimweni lapho abantu bakhe ngokuhlanganyela egcekeni elilodwa kufanele leyo naleyondlu ihlolwe inani layo ngokwayo yodwa.
Isahluko- 6 silawula okuqukethwe kanye nokuhlelwa kwamaphepha okuhlola. Silawula ukuba yonke impahla efanele ukukhokhelwa intela yendawo ifakwe ohleni lwephepha lokuhlola kanye nemininingwane ephathelene nayo impahla kanye nomnikazi.
Uma seliphothuliwe iphepha lokuhlola, lathunyelwa kumasipala ngumphathi kamasipala, umphathi kamasipala kufanele ngaphandle kokuthandabuza afake isaziso emithonjeni yezindaba ukuthi iphepha lokuhlola livulelekile ukuba licutshungulwe wumphakathi nokuba wonke umuntu ofisa ukuphikisana nalo angakwenza loko ngesikhathi esinqunyiwe. Konk ukuphikisa okutholiwe kufanele kucutshungulwe bese kuthathelwa izinqumo ngumhloli kamasipala. Uma umhloli kamasipala evumelana nlokho kuphikisa, iphepha lokuhlola kufanele lilungiswe ngendlela eyiyo. Uma ukulungisa ekuhlolweni kwempahla kungaphezulu kwamaphesenti ayishumi udaba kufanele lwedluliselwe emkhandlwini wokwedluliselwa kwezindaba ukuze lubuyekezwe.
Ukufakwa kokuphikisa kwephepha lokuhlola akusho ukuthi umnikazi angabe esayikhokha intela yendawo kodwa ukulungisa iphepha lokuhlola kulandela ukuphikisa ngempumelelo kuyalithinta inani lentela yendawo okufanele ikhokhwe ngumnikazi, umphathi kamasipala kufanele abale umehluko bese ebuyisa imali noma aqoqe imali engumehluko kumnikazi wempahla.
Isinqumo somhloli kamasipala asiwona ujuqu kunoma yikuphi ukuphikisa, futhi umuntu ophikisayo ongenelisekile ngesinqumo noma umnikazi mpahla othintekile ngalesi sinqumo nomkhandlu kamasipala imbala ungasidlulisa isinqumo siye emkhandlwini wokwedlulisela ukuhlola.
Isahluko -7 sibhekela ukusungulwa kwemikhandlu yokwedlulisela ukuhlola. Kuphakanyiswa ukuba umsebenzi wokusungulwa kwemikhandlu yokwedlulisela ukuhlola wethweswe ungqongqoshe wesifundazwe wohulumeni basekhaya. Ungqongqoshe engasungula imikhandlu eminingi ngendlela edingekayo kodwa kufanele asungule okungenani owodwa komasipala basemadolobheni amakhulu kanye nowodwa komasipala basezingeni lesifunda.
Imikhandlu yokwedlulisela ukuhlola isungulwa, okokuqala, ukuba ithathe izinqumo mayelana nezinqumo zabahloli bakamasipala uma seziphikisiwe, okwesibili, ukubuyekeza izinqumo zabahloli bakamasipala lapho kulungiswe khona ukuhlola ngamaphesenti angaphezulu kwayishumi.
Umkhandlu wokwedlulisela ukuhlola kufanele ube nosihlalo ongumuntu okufanele abe namaphepha ezomthetho kanye namanye amalungu angengaphansi kwamabili noma angengaphezulu kwamane anolwazi lokuhlolwa kwempahla kanye nezindlela zakhona. Omasipala yibona abayothwala izindleko zemikhandlu yokwedlulisela ukuhlola.
Njengasesimweni sokuphikisa, ukudluliswa kokuhlola akusho ukuthi ingabe isakhokhwa intela yendawo ngokulandisa kokuhlola njengaloku kuchazwe ephepheni lokuhlola, kodwa uma ukudluliselwa kokuhlola kube yimpumelelo futhi kuthinta inani lentela yendawo, umphathi kamasipala kufanele abale imali eyevile noma eyisibalo esingaphansi kakhulu bese ekhokhela umnikazi ngendlela efanele.
Isahluko- 8 sibhekela futhi khonamanjalo sibe nesandla esiqinile ekuchitshiyelweni kokuhlola.
Isahluko- 8 sibandakanya izindaba ezixubile ezimayelan nomthethosivivinywa, ezifana nokuqashelwa kokuhlola kukamasipala, ukumenyezelwa kwemithetho ukuze kutholakale igalelo lomthethosivivinywa kanye nokubhekelwa kwezenzo ezithile ezijeziselwayo mayelana nobelelesi.
Siphinde siqukathe izinhlelo zezinguquko njengesibonelo ezingenza omasipala basebenzise amaphepha okuhlola isikhathi esiyiminyaka emine kusukela ekumenyezelweni ngokusemthethweni kwalomthethosivivinywa.
Lomthethosivivinywa washicilelelwa ukuba kunikezwe umphakathi ithuba ukuba uphawule waphinde wahlelwa ngokulandela ukuphawula okwatholakala mayelana nawo.
Ukususwa kwemali eyimbuyiselo empahleni kahulumeni kuyobanomthelela kuhulumeni kazwelonke. Umnyango wesifundazwe nohulumeni basekhaya wenza ucwaningo amahlandla amabili, olunye nge- 1999 olunye lwenziwa ngonyaka we- 2001, mayelana negalelo lokuklanywa kwentela yendawo emhlabeni kahulumeni (kubandakanya negalelo lomthethosivivinywa ekususeni imbuyiselo yemali engamaphesenti angamashumi amabili, kanye nokudatshulwa kwemingcele yomasipala). Lolu cwaningo lukhombisa ukuthi uma bonke omasipala beklama intela yendawo kuyo yonke impahla kahulumeni ngamaphesenti ayikhulu enani lokudayiswa kwempahla emakethe, isamba semali okufanele ikhokhwe wuhulumeni omkhulu siyoba phakathi kwesigidigidi esisodwa samaRandi nezigidigidi ezintathu zamaRandi. Lokhu kumele isikweletu esengeziwe esiphakathi kuka- R0,4 wezigidigidi zamaRandi ne- R2,4 wezigidigidi zamaRandi nangaphezu kwezigidi ezingamakhulu ayisithupha zamaRandi ezisakhokhwa wuhulumeni kazwelonke nabezifundazwe.
Inani lentela yentawo eklanywa ngomasipala empahleni kahulumeni.
Igalelo liyoya ngezigaba ngoba umthethosivivinywa uqukethe imvume yokufakwa kwezigaba. Umthelela wezimali kuhulumeni wasemakhaya awuyukuba mubi. Ngenxa yohlelo olubanzi lokuqoqwa kwentela, amandla email kumasipala ayoba makhulu.
Abeluleki bakahulumeni kwezomthetho kanye nomnyango wezifundazwe nohulumeni basekhaya banombono wokuthi lomthethosivivinywa kufanele usingathwe ngendlela yenqubomgomo eyasungulwa yIsigaba- 75 somthethosisekelo wezwe njengaloku- ingaqukethe sigaba lapho kusebenza khona inqubomgomo ebalulwe esigabeni- 74 noma- 76 somthethosisekelo wezwe.
